28. Ngalokho butha abantu abaseleyo, umise ngakuwo umuzi, uwuthathe, funa mina ngiwuthathe umuzi, ubizwe ngegama lami.”
29. UDavide wayesebutha bonke abantu, waya eRaba, walwa nalo, walithatha.
30. Wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo; isisindo sawo sasiyitalenta* legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide; wakhipha emzini impango eningi kakhulu.