1. UJehova wayesethuma uNathani kuDavide. Wafika kuye, wathi kuye: “Kwakukhona amadoda amabili emzini munye, enye icebile, enye impofu.
2. Ecebileyo yayinezimvu nezinkomo eziningi kakhulu,
3. kepha empofu yayingenalutho, inexhukazana lilinye elincane nje kuphela, eyayilithengile yalondla; lakhulela kuyo nakubantwana bayo; ladla ucezu lwayo, laphuza esitsheni sayo, lalala esifubeni sayo, lalinjengendodakazi kuyo.
4. “Kwase kufika isihambi endodeni ecebileyo, yayeka ukuthatha ezimvini nasezinkomeni zayo ukusilungisela leso sihambi esasifike kuyo, kepha yathatha ixhukazana lendoda empofu, yalilungisela umuntu owayefike kuyo.”