2 Usamuweli 1:22-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. Egazini lababuleweyo nasemanoniniamaqhaweumnsalo kaJonathani awuphindelanga emuva,nenkemba kaSawule ayibuyelanga ize.

23. “OSawule noJonathanibabethandeka, bemnandi;ekuphileni nasekufeni kwabo kabahlukaniswanga;babenejubane kunezinkozi,babenamandla kunezingonyama.

24. “Nina madodakazi akwa-Israyeli,mkhaleleni uSawuleowanigqokisa kamnandi ngokubomvu,owavunulisa izambatho zenu ngezivunulo zegolide.

25. “Yeka ukuwa kwamaqhawe phakathikokulwa!UJonathani ubulewe ezindaweni zakho eziphakemeyo.

26. “Ngidabukile ngawe mfowethuJonathani;wawumnandi kakhulu kimi;lwaluyisimangaliso kimi uthando lwakho,ludlula uthando lwabesifazane.

27. “Yeka ukuwa kwamaqhawe,nokuphela kwezikhali zokulwa!”

2 Usamuweli 1