2 Kwabasekorinte 4:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngakho lokhu sinale nkonzo, njengokuba sahawukelwa, asidangali,

2. kodwa sizilahlile izinto ezifihliwe zehlazo, asihambi ngobuqili, asiliphambanisi izwi likaNkulunkulu, kepha ngokuveza obala iqiniso sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu.

3. Kepha uma ivangeli lethu lifihlakele, lifihlakele kwabalahlwayo,

4. okukubona abangakholwa unkulunkulu waleli zwe uphuphuthekisile ingqondo yabo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.

5. Ngokuba asizishumayeli thina, kodwa sishumayela uKristu Jesu eyiNkosi nokuthi siyizikhonzi zenu ngenxa kaJesu.

2 Kwabasekorinte 4