2 Kwabasekorinte 2:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kepha ngazimisela lokhu nami ngokwami ukuthi angisayikuza kini nginokudabuka.

2. Ngokuba uma mina nginidabukisa, pho, ngubani ongithokozisayo, uma kungesiye odabukiswa yimi, na?

3. Ngakuloba khona lokho, funa kuthi ekufikeni kwami ngithole ukudabuka ngalabo ebengifanele ukuthokoza ngabo, nginethemba ngani nonke ukuthi okwami ukuthokoza kungokwenu nonke.

2 Kwabasekorinte 2