2 Kwabasekorinte 13:4-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Ngokuba noma wabethelwa esiphambanweni ngobuthakathaka, nokho uyaphila ngamandla kaNkulunkulu. Ngokuba nathi sibuthakathaka kuye, kodwa sizakuphila kanye naye ngamandla kaNkulunkulu ngakini.

5. Zihloleni nina, nibone ukuba nisekukholweni yini, nizivivinye nina. Kanti anizazeli yini ukuthi uJesu Kristu ukinina? Uma kungenjalo, ningabokwaliwa.

6. Kepha ngiyethemba ukuthi nizakwazi ukuthi thina asisibo abokwaliwa.

2 Kwabasekorinte 13