8. Ngaphanga amanye amabandla, ngithatha iholo kuwo, ukuba ngikhonze nina;
9. nalapho ngikhona kini ngiswele, angibanga mthwalo kumuntu, ngokuba abazalwane abavela eMakedoniya bakuqeda ukuswela kwami; ezintweni zonke ngazilinda ukuba nginganisindi, futhi ngisezakuzilinda.
10. Njengalokhu iqiniso likaKristu likimi, angiyikwaphucwa lolo dumo ezigodini zase-Akhaya.
11. Ngani na? Ngokuba nginganithandi na? UNkulunkulu uyazi.
12. Kepha engikwenzayo ngizakukwenza futhi, ukuze ngibaphuce ithuba abafuna ithuba lokuba bafunyanwe benjengathi kulokho abazibonga ngakho.