2 Kwabasekorinte 11:30-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

30. Uma ngimelwe ukuzibonga, ngiyakuzibonga ngobuthakathaka bami.

31. UNkulunkulu noYise weNkosi uJesu, obongekayo phakade naphakade, uyazi ukuthi angiqambi amanga.

32. EDamaseku induna yenkosi u-Aretha yalinda umuzi wamaDamaseku ukuba ingibambe;

33. ngehliswa efasiteleni ngesilulu ogangeni, ngaphepha ezandleni zayo.

2 Kwabasekorinte 11