2 Kwabasekorinte 11:19-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Ngokuba abayiziwula nibabekezelela ngenjabulo, lokhu ningabahlakaniphileyo,

20. ngokuba niyabekezela, uma umuntu enenza izigqila, uma enidla, uma enibamba, uma ezikhukhumeza, uma enishaya ebusweni.

21. Ngisho ngamahloni ukuthi kade sibuthakathaka. Kepha kulokho umuntu anesibindi ngakho -- ngikhuluma ngobuwula -- nami nginesibindi ngakho.

22. BangamaHeberu na? Nami. Bangaba-Israyeli na? Nami. Bayinzalo ka-Abrahama na? Nami.

2 Kwabasekorinte 11