2 Kapetru 3:16-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. njengalokhu nasezincwadini zonke ekhuluma kuzo ngalezo zinto, okukhona kuzo okunye okulukhuni ukuzwisiswa, okuthi abangafundile nabangaqinile bakuhlanekezela, njengalokhu benze njalo nangezinye izincwadi, kube ngukubhujiswa kwabo.

17. Ngakho, bathandekayo, njengokuba nazi lokhu ngaphambili, xwayani, ukuze ningadukiswa ngokukhohlisa kwabangenamthetho, niwe ekuqineni kwenu,

18. kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade.

2 Kapetru 3