2 Izikronike 5:3-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Onke amadoda akwa-Israyeli abuthana enkosini emkhosini wasenyangeni yesikhombisa.

4. Esefikile onke amalunga akwa-Israyeli, amaLevi aphakamisa umphongolo.

5. Akhuphula umphongolo, netende lokuhlangana, nazo zonke izinto ezingcwele ezazisetendeni, kwakhushulwa ngabapristi namaLevi.

6. Inkosi uSolomoni nayo yonke inhlangano yakwa-Israyeli eyayihlangene kuyo babe phambi komphongolo behlaba izimvu nezinkabi ezingenakulotshwa, zingenakubalwa ngobuningi bazo.

7. Abapristi bawungenisa umphongolo wesivumelwano sikaJehova endaweni yawo egumbini lendlu, indawo engcwelengcwele, phansi kwamaphiko amakherubi.*

8. Ngokuba amakherubi* awelula amaphiko awo phezu kwendawo yomphongolo, amakherubi asibekela umphongolo nezinti zawo ngaphezulu.

9. Izinti zazizinde kangako ukuba izihloko zezinti zibonakale zeqe emphongolweni phambi kwegumbi; kepha zazingabonakali ngaphandle; usekhona lapho kuze kube namuhla.

2 Izikronike 5