2 Izikronike 4:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wenza i-altare lethusi; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyishumi.

2. Wenza nolwandle olubunjiweyo; lwaluyizingalo eziyishumi kusukela kolunye udini kuze kufike kolunye, lwaluyisiyingilizi; ukuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyisihlanu; umucu oyizingalo ezingamashumi amathathu waluzungeza nxazonke.

3. Phansi kwalo kwakukhona okufana nezintangazane nxazonke ezaluzungeza izingalo eziyishumi nxazonke; izintangazane zazisezinhleni ezimbili nxazonke zolwandle, zibunjiwe ekubunjweni kwalo.

2 Izikronike 4