Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wokubusa kwakhe esehlambululile izwe nendlu, wathuma uShafani, indodana ka-Asaliya, noMahaseya umbusi womuzi, noJowa indodana kaJowahazi, umabhalana, ukuba bayilungise indlu kaJehova uNkulunkulu wakhe.