31. Inkosi yema endaweni yayo, yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngayo yonke inhliziyo yayo nangawo wonke umphefumulo wayo ukuba iwenze amazwi esivumelwano ayelotshwe kule ncwadi.
32. Wenza ukuba bonke abafunyanwa eJerusalema nakwaBenjamini beme kuso. Abakhileyo eJerusalema benza njengesivumelwano sikaNkulunkulu, uNkulunkulu wawoyise.
33. UJosiya wazisusa zonke izinengiso emazweni onke akwa-Israyeli, wenza ukuba bonke abafunyanwa kwa-Israyeli bakhonze, bamkhonze uJehova uNkulunkulu wabo. Zonke izinsuku zakhe abasukanga ekumlandeleni uJehova uNkulunkulu wawoyise.