2 Izikronike 34:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJosiya wayeneminyaka eyisishiyagalombili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amathathu nanye eJerusalema.

2. Wenza okulungile emehlweni kaJehova, wahamba ngezindlela zikaDavide uyise, kachezukelanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo.

3. Ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe esengumfana waqala ukufuna uNkulunkulu kaDavide uyise; ngomnyaka weshumi nambili waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema, wasusa izindawo eziphakemeyo, nawo-Ashera,* nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo.

4. Bawadiliza phambi kwakhe ama-altare awoBali; nama-altare empepho ayephezu kwawo wawanquma; waphula o-Ashera,* nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo, wakucolisisa, wakuvumvuzela phezu kwamathuna ababenikele kukho.

5. Wawashisa amathambo abapristi ema-altare abo, wahlambulula uJuda neJerusalema.

6. Emizini yakwaManase, nakwa-Efrayimi, nakwaSimeyoni kwaze kwaba nakwaNafetali wacinga ezindlini zabo nxazonke.

2 Izikronike 34