2 Izikronike 31:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Sekuphelile konke lokho, u-Israyeli wonke owayekhona waphuma waya emizini yakwaJuda, waphula izinsika, wagawula o-Ashera,* wadiliza izindawo eziphakemeyo nama-altare kwaJuda wonke, nakwaBenjamini, nakwa-Efrayimi, nakwaManase, waze waqeda konke. Base bebuyela bonke abantwana bakwa-Israyeli, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe, emizini yakubo.

2. UHezekiya wamisa izigaba zabapristi nezamaLevi ngezigaba zabo, kwaba yilowo nalowo njengenkonzo yakhe, abapristi namaLevi beminikelo yokushiswa neminikelo yokuthula, ukuba bakhonze, babonge, badumise emasangweni ekamu* likaJehova,

3. nesabelo senkosi emfuyweni yayo ukuba sibe ngeseminikelo yokushiswa, eseminikelo yokushiswa yasekuseni neyakusihlwa, neseminikelo yokushiswa yamasabatha, neyokwethwasa kwenyanga, neyemikhosi emisiweyo njengokulotshiweyo emthethweni kaJehova.

4. Washo kubantu abakhileyo eJerusalema ukuba banike abapristi namaLevi izabelo, ukuze babambelele emthethweni kaJehova.

5. Lanele ukusakazeka nje leli zwi, abantwana bakwa-Israyeli banikela kakhulu ngolibo lwamabele, nolwewayini, nolwamafutha, nolwezinyosi, nakuzo zonke izithelo zamasimu, baletha kakhulu okweshumi kwakho konke.

2 Izikronike 31