14. Wenza isihenqo ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo, wabeka kuso amakherubi.
15. Wenza ngaphakathi kwendlu izinsika ezimbili, ukuphakama kwazo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu nanhlanu; isihloko esasingaphezu kwaleyo naleyo sasiyizingalo eziyisihlanu.
16. Wenza amaketanga egumbini, wawabeka ezihlokweni zezinsika; wenza amapomegranati* ayikhulu, wawabeka emaketangeni.
17. Wazimisa izinsika phambi kwethempeli, enye ngakwesokunene nenye ngakwesokhohlo, wabiza igama lengakwesokunene ngokuthi uJakini negama lengakwesokhohlo ngokuthi uBowazi.