12. Iphiko lelinye ikherubi laliyizingalo eziyisihlanu, lathinta odongeni lwendlu; elinye iphiko laliyizingalo eziyisihlanu nalo, lafinyelela ephikweni lelinye ikherubi.
13. Amaphiko alawo makherubi azelula izingalo ezingamashumi amabili; ema ngezinyawo zawo, ubuso bawo bubheke endlini.
14. Wenza isihenqo ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo, wabeka kuso amakherubi.
15. Wenza ngaphakathi kwendlu izinsika ezimbili, ukuphakama kwazo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu nanhlanu; isihloko esasingaphezu kwaleyo naleyo sasiyizingalo eziyisihlanu.