2 Izikronike 29:21-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Baletha izinkunzi eziyisikhombisa, nezinqama eziyisikhombisa, namawundlu ayisikhombisa, nezimpongo eziyisikhombisa, kube ngumnikelo wokona ngombuso nangendlu engcwele nangoJuda. Wayaleza abapristi, amadodana ka-Aroni, ukuba banikele ngakho e-altare likaJehova.

22. Base bezihlaba izinkunzi; abapristi bamukela igazi, bafafaza ngalo i-altare; bazibulala izinqama, bafafaza i-altare ngegazi; bawabulala amawundlu, bafafaza i-altare ngegazi.

23. Base besondeza izimpongo ngenxa yomnikelo wesono phambi kwenkosi nebandla; babeka izandla zabo phezu kwazo;

2 Izikronike 29