1. U-Ahazi wayeneminyaka engamashumi amabili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; akenzanga okulungile emehlweni kaJehova njengoDavide uyise,
2. kepha wahamba ngezindlela zamakhosi akwa-Israyeli, wenzela oBali izithombe ezibunjiweyo.
3. Washisa impepho esigodini sendodana kaHinomu, washisa abantwana bakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.
4. Wahlaba, washisa impepho ezindaweni eziphakemeyo, nasemagqumeni, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.
5. UJehova uNkulunkulu wakhe wayesemnikela esandleni senkosi yase-Aramu, bamshaya, bathumba kuye isixuku esikhulu sabathunjwa, babayisa eDamaseku. Naye wanikelwa esandleni senkosi yakwa-Israyeli eyamshaya ngokushaya okukhulu.
6. Ngokuba uPheka indodana kaRemaliya wabulala kwaJuda izinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili ngalusuku lunye, bonke bengamadoda anamandla, ngokuba bebeshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise.
7. UZikiri, iqhawe lakwa-Efrayimi, wabulala uMahaseya, indodana yenkosi, no-Azirikamu umbusi wendlu, no-Elkana owelama inkosi.
8. Abantwana bakwa-Israyeli bathumba kubafowabo izinkulungwane ezingamakhulu amabili, abesifazane, namadodana, namadodakazi, besusa kubo nempango eningi, beyiyisa impango eSamariya.
9. Kepha kwakukhona lapho umprofethi kaJehova ogama lakhe lalingu-Odedi; waphuma ukuhlangabeza impi eyayiza eSamariya, wathi kubo: “Bhekani, ngokuba uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wayethukuthelele uJuda, wabanikela esandleni senu, kepha nina nibabulele ngokufutha okufinyelele nasezulwini.
10. Manje-ke nithi niyakunyathela phansi abantwana bakwaJuda nabaseJerusalema babe yizigqila nezigqilakazi zenu. Kepha aniyikuba necala kuJehova uNkulunkulu wenu ngalokho kuphela na?