2 Izikronike 26:20-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. U-Azariya, umpristi omkhulu, nabo bonke abapristi bambuka; bheka, wayenochoko ebunzini lakhe; bashesha bamkhipha khona; naye waphuthuma ukuphuma, ngokuba uJehova wayemshayile.

21. U-Uziya, inkosi, wayesengonochoko kwaze kwafika usuku lokufa kwakhe, wahlala endlini eyahlukanisiweyo, lokhu engonochoko, ngokuba wanqunywa endlini kaJehova. UJothamu indodana yakhe wayephezu kwendlu yenkosi, ahlulela abantu bezwe.

22. Ezinye izindaba zika-Uziya, ezokuqala nezokugcina, zalotshwa ngu-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose.

23. U-Uziya wayeselala koyise; bammbela koyise ngaphandle kwamathuna amakhosi, ngokuba bathi: “Ungonochoko.” UJothamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 Izikronike 26