20. Kepha u-Amasiya akalalelanga, ngokuba kwavela kuNkulunkulu ukuba abanikele esandleni sezitha zabo, ngokuba babefunile onkulunkulu bakwa-Edomi.
21. Wayesekhuphuka uJowashi inkosi yakwa-Israyeli; yena no-Amasiya inkosi yakwaJuda babhekana ubuso nobuso eBeti Shemeshi elingelakwaJuda.
22. UJuda wahlulwa phambi kuka-Israyeli; babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.
23. UJowashi inkosi yakwa-Israyeli wambamba u-Amasiya inkosi yakwaJuda indodana kaJowashi kaJehowahazi eBeti Shemeshi, wamyisa eJerusalema, wadiliza ugange lwaseJerusalema kusukela eSangweni lakwa-Efrayimi kuze kube seSangweni Lasegumbini, izingalo ezingamakhulu amane.
24. Wathatha lonke igolide nesiliva, nazo zonke izitsha ezafunyanwa endlini kaJehova ku-Obede Edomi, nengcebo yendlu yenkosi, nabayisibambiso, wabuyela eSamariya.