2. Wenza okulungile emehlweni kaJehova, kungenganhliziyo epheleleyo kodwa.
3. Kwathi lapho umbuso usuqinisiwe kuye, wazibulala izinceku zakhe ezaziyibulele inkosi uyise.
4. Kodwa akabulalanga abantwana bazo, kepha wenza njengokulotshiweyo emthethweni encwadini kaMose njengokuyala kukaJehova ngokuthi: “Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise, kepha yilowo nalowo uyakufa ngesakhe isono.”
5. Futhi u-Amasiya wabutha uJuda, wabamisa ngokwezindlu zawoyise phansi kwezinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, oJuda wonke noBenjamini; wababala kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, wabafumana beyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu abakhethekileyo abangaphuma impi nabangaphatha umkhonto nesihlangu.
6. Waqasha kwa-Israyeli amaqhawe anamandla ayizinkulungwane eziyikhulu ngamatalenta* ayikhulu esiliva.
7. Kepha kwafika kuye umuntu kaNkulunkulu, wathi: “Nkosi, impi yakwa-Israyeli mayingahambi nawe, ngokuba uJehova akasenaye u-Israyeli nabo bonke abantwana bakwa-Efrayimi,
8. kepha noma kuhamba wena, ukwenza, uziqinisela impi; uNkulunkulu uyakukuwisa phansi ebusweni bezitha. Ngokuba uNkulunkulu unamandla okuwisa phansi nokusiza.”