2 Izikronike 24:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJowashi wayeneminyaka eyisikhombisa ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka engamashumi amane eJerusalema; igama likanina lalinguSibiya waseBeri Sheba.

2. UJowashi wenza okulungile emehlweni kaJehova zonke izinsuku zikaJehoyada umpristi.

3. UJehoyada wamthathela abafazi ababili; wazala amadodana namadodakazi.

4. Kwathi emva kwalokho kwakusenhliziyweni kaJowashi ukuvusa indlu kaJehova.

5. Wabutha abapristi namaLevi, wathi kubo: “Phumani niye emizini yakwaJuda, niqoqe ku-Israyeli wonke imali yokulungisa indlu kaNkulunkulu wenu iminyaka ngeminyaka, niyisheshise le ndaba.” Kepha amaLevi awasheshanga.

6. Inkosi yayisibiza uJehoyada inhloko, yathi kuye: “Awubizanga ngani kumaLevi ukuba alethe kwaJuda naseJerusalema intela kaMose inceku kaJehova neyebandla lika-Israyeli, ibe ngeyetende lobufakazi na?”

7. Ngokuba amadodana ka-Athaliya, owesifazane lowo omubi, ayeyichithile indlu kaNkulunkulu, nezinto zonke ezingcwele zendlu kaJehova azenza ukuba zibe ngezikaBali.

8. Yayisikhuluma inkosi, benza umphongolo, bawubeka ngaphandle ngasesangweni lendlu kaJehova.

2 Izikronike 24