19. Wamisa abalindisango emasangweni endlu kaJehova ukuba kungangeni ongcolile noma ngantoni.
20. Wazithatha izinduna zamakhulu, nabakhulu, nababusi babantu, nabo bonke abantu bezwe, wayehlisa inkosi endlini kaJehova, bafika ngesango lasenhla endlini yenkosi, bayibeka inkosi esihlalweni sobukhosi sombuso.
21. Bonke abantu bezwe bathokoza; umuzi wazola; bambulala u-Athaliya ngenkemba.