2 Izikronike 20:14-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Kwase kufika uMoya kaJehova phezu kukaJahaziyeli kaZakariya kaBenaya kaJehiyeli kaMathaniya umLevi, emadodaneni ka-Asafa phakathi kwebandla,

15. wathi: “Yizwani nina nonke bakwaJuda, nabakhileyo eJerusalema, nawe nkosi Jehoshafati: usho kanje kini uJehova, uthi: ‘Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu, ngokuba impi ayisiyo eyenu, ngekaNkulunkulu.

16. Yehlelani kubo kusasa; bhekani, bayakukhuphuka ngommango waseSisi; niyakubafumana ekugcineni kwesigodi ngaphambi kwehlane laseJeruweli.

17. Akusikho okwenu ukulwa kule mpi; zihleleni, nime, nibone ukunisindisa kukaJehova, nina Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumelani kubo kusasa, ngokuba uJehova unani.’ ”

18. Wayesekhothama uJehoshafati, ubuso bakhe bubheke phansi; wonke uJuda nabakhileyo eJerusalema bawa phambi kukaJehova bekhuleka kuJehova.

19. AmaLevi abantwana bamaKohati nawabantwana bamaKorahi asukuma ukumdumisa uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezwi elikhulu kakhulu.

20. Bavuka ekuseni, baphuma baya ehlane laseThekhowa; ekuphumeni kwabo uJehoshafati wema, wathi: “Ngizweni, Juda nani bakhileyo eJerusalema! Kholwani nguJehova uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa; kholwani ngabaprofethi bakhe, niyakuphumelela.”

21. Eselulekene nabantu wamisa abayakuhlabelela kuJehova ukuba bamdumise behlotshisiwe ngobungcwele, besaphuma ngaphambi kwempi, bathi: “Bongani uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade.”

22. Lapho sebeqala ukuhalalisa nokudumisa, uJehova wabeka abaqamekeli babantwana bakwa-Amoni, nabakwaMowabi, nabaseSeyiri, ababefikele uJuda, banqotshwa.

23. Abantwana bakwa-Amoni nabakwaMowabi bamelana nabakhileyo entabeni yaseSeyiri ukuba babachithe, babaqothule; sebebaqedile abakhileyo eSeyiri basiza, kwaba yilowo nalowo, ngokubulalana bodwa.

2 Izikronike 20