2 Izikronike 2:1-2 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. USolomoni wahlosa ukwakhela igama likaJehova indlu kanye nendlu yombuso wakhe.

2. USolomoni wabala abantu abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa ukuba bathwale imithwalo, nabantu abayizinkulungwane eziyishiyagalombili ukuba babe ngababazi bamatshe ezintabeni, nezinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha ukubabonisa.

2 Izikronike 2