2 Izikronike 18:23-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. USedekiya indodana kaKhenahana wayesesondela, wamshaya uMikhaya esihlathini, wathi: “UMoya kaJehova wasuka kimi ngaphi ukuba akhulume kuwe na?”

24. Wathi uMikhaya: “Bheka, uyakukubona ngalolo suku oyakungena ngalo emakamelweni ngamakamelo ukuba ucashe.”

25. Inkosi yakwa-Israyeli yathi: “Mthatheni uMikhaya, nimbuyisele ku-Amoni umbusi womuzi nakuJowashi indodana yenkosi,

26. nithi: ‘Isho kanje inkosi, ithi: Fakani lona etilongweni, nimuphe isinkwa sokuhlupheka namanzi okuhlupheka, ngize ngibuye ngokuphila.’ ”

27. Wayesethi uMikhaya: “Uma ubuya impela ngokuphila, uyakube engakhulumanga ngami uJehova.” Wathi futhi: “Yizwani nina bantu bonke.”

2 Izikronike 18