2 Izikronike 18:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehoshafati wayenengcebo nodumo olukhulu, wahlangana ngobuhlobo no-Ahabi.

2. Ngasekugcineni kweminyaka ethile wehlela ku-Ahabi eSamariya. U-Ahabi wamhlabela yena nabantu ababenaye izimvu nezinkabi eziningi, wamncenga ukuba akhuphukele eRamoti Gileyadi.

3. U-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli wathi kuJehoshafati inkosi yakwaJuda: “Uyakuhamba nami, siye eRamoti Gileyadi, na?”Wathi kuye: “Mina nginjengawe, abantu bami banjengabantu bakho; siyakuba nawe empini.”

2 Izikronike 18