11. Bheka, izindaba zika-Asa, ezokuqala nezokugcina, bheka-ke, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwaJuda nakwa-Israyeli.
12. Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye wokubusa kwakhe u-Asa waba nesifo ezinyaweni zakhe; isifo sakhe sasinzima kakhulu; kepha akafunanga uJehova esifweni sakhe, izinyanga zodwa.
13. U-Asa wayeselala koyise, wafa ngomnyaka wamashumi amane nanye wokubusa kwakhe.
14. Bammbela emathuneni akhe owayeziqophele wona emzini kaDavide, bambeka embhedeni ogcwele iphunga elimnandi namakha ayizinhlobonhlobo, alungisiwe ngokwenza komthaki; bamenzela ukushisa kwempepho okukhulu kakhulu.