4. Kepha umphongolo kaNkulunkulu uDavide wayewukhuphulile eKiriyati Jeharimi, wawuyisa endaweni uDavide ayewulungisele yona, ngokuba wayewumisele itende eJerusalema.
5. Futhi i-altare lethusi elalenziwe nguBesaleli indodana ka-Uri kaHure lalilapho phambi kwetabernakele* likaJehova; uSolomoni nebandla baya ukubuza kulo.
6. USolomoni wanikela khona phambi kukaJehova e-altare lethusi elalingasetendeni lokuhlangana, wanikela ngeminikelo eyinkulungwane yokushiswa phezu kwalo.
7. Ngalobo busuku uNkulunkulu wabonakala kuSolomoni, wathi kuye: “Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona.”
8. Wayesethi uSolomoni kuNkulunkulu: “Umenzele uDavide ubaba umusa omkhulu, wangibeka inkosi esikhundleni sakhe.