2 Amakhosi 6:29-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. Sase siyipheka indodana yami, sayidla; ngase ngithi kuye ngosuku olulandelayo: ‘Letha indodana yakho ukuba siyidle;’ wayeseyifihlile indodana yakhe.”

30. Kwathi inkosi isizwile amazwi alo wesifazane, yaklebhula izingubo zayo isadlula phezu kogange; abantu babuka, bheka, yayinendwangu yamasaka phansi emzimbeni wayo.

31. Yathi: “UNkulunkulu makenze njalo, enezele futhi, uma ikhanda lika-Elisha, indodana kaShafati, liyakube lisekuye namuhla.”

32. Yayisithuma umuntu phambi kwayo, u-Elisha esahlezi endlini yakhe, namalunga ehlezi naye; kepha, singakafiki kuye isithunywa, wathi emalungeni: “Niyabona yini ukuthi le ndodana yombulali ithumele ukunquma ikhanda lami na? Bhekani, ekufikeni kwesithunywa manivale isivalo, nisibuyisele emuva isithunywa ngesivalo; angithi izigqi zezinyawo zenkosi yaso zisemva kwaso na?”

33. Esakhuluma nawo, bheka, inkosi yehlela kuye; yathi: “Bheka, lobu bubi buvela kuJehova; ngisamhlalelelani uJehova na?”

2 Amakhosi 6