2 Amakhosi 3:8-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Wathi futhi: “Siyakwenyuka ngayiphi indlela na?”Yathi: “Ngendlela yasehlane lakwa-Edomi.”

9. Yayisihamba inkosi yakwa-Israyeli, nenkosi yakwaJuda, nenkosi yakwa-Edomi; azungeza indlela yezinsuku eziyisikhombisa; kwakungekho manzi empi nawezinkomo ezibalandelayo.

10. Yayisithi inkosi yakwa-Israyeli: “Maye, ngokuba uJehova ubuthile lawa makhosi amathathu ukuwanikela esandleni sakwaMowabi!”

11. Kepha uJehoshafati wathi: “Akakho lapha umprofethi kaJehova ukuba sibuze kuJehova ngaye na?”Enye yezinceku zenkosi yakwa-Israyeli yaphendula yathi: “Ukhona u-Elisha indodana kaShafati owathela amanzi ezandleni zika-Eliya.”

12. Wayesethi uJehoshafati: “Izwi likaJehova likuye.” Base behlela kuye inkosi yakwa-Israyeli, noJehoshafati, nenkosi yakwa-Edomi.

13. Kepha u-Elisha wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Nginamsebenzi muni nawe na? Hamba uye kubaprofethi bakayihlo nakubaprofethi bakanyoko.”Kepha inkosi yakwa-Israyeli yathi kuye: “Hhayi, ngokuba uJehova ubizile lawo makhosi amathathu ukuwanikela esandleni sakwaMowabi.”

14. Wayesethi u-Elisha: “Kuphila kukaJehova Sebawoti engimi phambi kwakhe, uma bengingamazisi uJehoshafati inkosi yakwaJuda, ngempela ngingeze ngakubheka, ngingeze ngakubona.

15. Kepha manje ngiletheleni umbethi wogubhu.” Kwathi umbethi wogubhu esabetha, isandla sikaJehova saba kuye.

2 Amakhosi 3