21. Sebezwile bonke abakwaMowabi ukuthi amakhosi enyukile ukulwa nabo, babuthana bonke abaqale ukubhinca izikhali kuya phezulu, bema emkhawulweni.
22. Bavuka ekuseni, ilanga lakhanya emanzini, abakwaMowabi bawabona amanzi malungana nabo ebomvu njengegazi;
23. bathi: “Lokhu kuyigazi; ngempela amakhosi alwile, abulalene enye nenye; ngalokho ekuphangeni-ke, Mowabi!”
24. Sebefike ekamu* lika-Israyeli, abakwa-Israyeli basuka bashaya abakwaMowabi, baze babaleka ebusweni babo; bangena ezweni labo bechitha abakwaMowabi.
25. Bachitha imizi, naseziqeshini zonke ezinhle zomhlaba baphonsa, kwaba yilowo nalowo itshe lakhe, bazigcwalisa; bavimba yonke imithombo yamanzi, bawisa yonke imithi emihle, kwaze kwasala amatshe aseKhiri Haresheti kuphela; kepha abezindwayimana bazungeza, balishaya.