2. Wenza okubi emehlweni kaJehova kepha kungenjengoyise nonina, ngokuba wasusa insika kaBali abeyenzile uyise.
3. Nokho wanamathela ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli, kasukanga kuzo.
4. UMesha inkosi yakwaMowabi owayefuyile kakhulu izimvu wathela enkosini yakwa-Israyeli uboya bamawundlu ayizinkulungwane eziyikhulu nobezinqama eziyizinkulungwane eziyikhulu.
5. Kwathi lapho esefile u-Ahabi, inkosi yakwaMowabi yahlubuka inkosi yakwa-Israyeli.
6. Inkosi uJehoramu yaphuma eSamariya ngaleso sikhathi, yabala wonke u-Israyeli.
7. Yaya yathumela kuJehoshafati inkosi yakwaJuda, yathi: “Inkosi yakwaMowabi ingihlubukile; ungahamba nami, silwe noMowabi, na?”Wathi: “Ngiyakwenyuka, mina njengawe, abantu bami njengabantu bakho, amahhashi ami njengamahhashi akho.”
8. Wathi futhi: “Siyakwenyuka ngayiphi indlela na?”Yathi: “Ngendlela yasehlane lakwa-Edomi.”
9. Yayisihamba inkosi yakwa-Israyeli, nenkosi yakwaJuda, nenkosi yakwa-Edomi; azungeza indlela yezinsuku eziyisikhombisa; kwakungekho manzi empi nawezinkomo ezibalandelayo.