2 Amakhosi 25:3-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Ngosuku lwesishiyagalolunye lwenyanga indlala yaba namandla emzini, akubangakho kudla kubantu bezwe.

4. Kepha wawusufohlwa umuzi, onke amadoda empi abaleka ebusuku ngendlela yesango phakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi amaKaledi ayekhona nxazonke zomuzi ahamba ngendlela yase-Araba.

5. Kodwa impi yamaKaledi yayixosha inkosi, yayifica emathafeni aseJeriko, yonke impi yayo yahlakazeka.

6. Ayeseyibamba inkosi, ayenyusela enkosini yaseBabele eRibila; ayahlulela.

7. Abulala amadodana kaSedekiya phambi kwamehlo akhe, akhipha amehlo kaSedekiya, ambopha ngamaketanga, amyisa eBabele.

8. Ngenyanga yesihlanu ngolwesikhombisa lwenyanga okwakungumnyaka weshumi nesishiyagalolunye wenkosi uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, kwafika uNebuzaradani induna yabalindi, inceku yenkosi yaseBabele, eJerusalema.

9. Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi; nazo zonke izindlu zaseJerusalema, zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo.

10. Yonke impi yamaKaledi induna yabalindi eyayinayo yadiliza izingange zaseJerusalema nxazonke.

11. Abanye abantu ababesele emzini, nabahlubukileyo behlubukela enkosini yaseBabele, nesixuku esiseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumba.

12. Kepha induna yabalindi yashiya abantu bezwe abayizimpofana ukuba baphathe izivini namasimu.

13. Izinsika zethusi ezazisendlini yenkosi, nezinqe, nolwandle lwethusi okwakusendlini kaJehova amaKaledi akuhlephula, athuthela ithusi lakho eBabele.

14. Amakhanzi, namafosholo, nezizenze, nezinkezo, nazo zonke izitsha zethusi ababekhonza ngazo akuthatha.

15. Nemicengezi yomlilo, nezitsha, okwegolide lodwa nesiliva lodwa, nalokho induna yabalindi yakuthatha.

16. Izinsika zombili, nolwandle olwalulunye nje, nezinqe uSolomoni ayekwenzele indlu kaJehova, ithusi lazo zonke lezi zinto lalingenakulinganiswa.

17. Ukuphakama kwensika eyodwa kwakuyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili; phezu kwayo kwakukhona isihloko sethusi; ukuphakama kwesihloko esisodwa kwakuyizingalo ezintathu; kwakukhona nenetha namapomegranati* phezu kwesihloko nxazonke, konke kwakungokwethusi; kwakunjalo nasensikeni yesibili enetheni.

18. Induna yabalindi yathatha uSeraya umpristi omkhulu, noZefaniya umpristi wesibili, nabalindimnyango abathathu;

19. yathatha emzini induna eyayimiswe phezu kwamadoda empi, nabantu abayisihlanu kwababesebusweni benkosi abafunyanwa emzini, nombhali wenduna yempi eyayibala abantu bezwe, nabantu bezwe abangamashumi ayisithupha abafunyanwa emzini.

2 Amakhosi 25