2 Amakhosi 23:25-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

25. Kwakungekho nkosi phambi kwakhe eyaphendukela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yayo nangawo onke amandla ayo njengawo wonke umthetho kaMose, nangasemva kwakhe akuvelanga enjengaye.

26. Nokho uJehova akabuyanga ekuvutheni kwentukuthelo yakhe enkulu, intukuthelo yakhe eyavuthela ngakho uJuda, ngenxa yakho konke ukucunula uManase ayemcunule ngakho.

27. UJehova wathi: “Naye uJuda ngiyakumsusa ebusweni bami, njengalokho ngisuse u-Israyeli, ngiwulahle lo muzi engawukhethayo, nendlu engasho ngayo ukuthi igama lami liyakuba khona lapho.”

28. Ezinye izindaba zikaJosiya nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?

29. Emihleni yakhe uFaro Nekho inkosi yaseGibithe wenyukela enkosini yase-Asiriya ngasemfuleni u-Ewufrathe; inkosi uJosiya yaya ukuhlangabezana naye; wayibulala eMegido, isanele ukumbona nje.

2 Amakhosi 23