1. UManase wayeneminyaka eyishumi nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nanhlanu eJerusalema; igama likanina lalinguHefisiba.
2. Wenza okubi emehlweni kaJehova njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.
3. Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azichithile; wamisela uBali ama-altare, wenza u-Ashera* njengokwenza kuka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.