2 Amakhosi 19:25-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

25. “ ‘Awuzwanga ukuthi kade ngakuhlela na?Emihleni yasendulo ngakunquma;manje sengikulethile ukuba uchithe imizi ebiyelweyo,ibe yizinqwaba.

26. Abakhe kuyo babe namandla amancane,besaba, bajabha;baba njengotshani basendle,nembali notshani obuluhlaza,nokuluhlaza ezimpahleni zezindlu,namabele ahamukile engakakhuli.

27. “ ‘Kepha ukuhlala kwakho,nokuphuma kwakho,nokungena kwakho ngiyakwazi,nokubhovumula kwakho ngami.

2 Amakhosi 19