1. Kwathi inkosi uHezekiya ikuzwile lokho, yaklebhula izingubo zayo, yazembesa indwangu yamasaka, yangena endlini kaJehova.
2. Yathuma u-Eliyakimi owayephezu kwendlu, noShebina umbhali, namalunga abapristi, bembeswe izindwangu zamasaka, ku-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose.
3. Bathi kuye: “Usho kanje uHezekiya, uthi: ‘Lolo suku lungusuku losizi nolokusolwa nolokudelelwa, ngokuba abantwana sebefikile ekuzalweni, kepha amandla okubeletha awakho.