2 Amakhosi 17:38-41 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

38. aniyikukhohlwa isivumelwano engisenzile nani, ningesabi abanye onkulunkulu;

39. kepha niyakwesaba uJehova uNkulunkulu wenu; yena uyakunophula esandleni sazo zonke izitha zenu.”

40. Nokho abalalelanga, kodwa benza njengemithetho yabo yakuqala.

41. Zesaba-ke lezo zizwe uJehova, kepha zakhonza izithombe zazo ezibaziweyo, kanjalo nabantwana bazo nabantwana babantwana bazo; njengalokho benzile oyise, benze njalo nabo kuze kube namuhla.

2 Amakhosi 17