11. bashisa khona impepho ezindaweni zonke eziphakemeyo njengokwenza kwabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabo, benza izinto ezimbi ukumcunula uJehova,
12. bakhonza izithombe uJehova ashilo ngazo kubo ukuthi: “Aniyikwenza le nto.”
13. Nokho uJehova wayexwayisile o-Israyeli noJuda ngesandla sabo bonke abaprofethi nababoni ukuthi: “Phendukani ezindleleni zenu ezimbi, nigcine imiyalo yami nezimiso zami njengawo wonke umthetho engayala ngawo oyihlo nengawuthuma kini ngesandla sezinceku zami abaprofethi.”
14. Kepha abalalelanga; benza lukhuni intamo yabo njengentamo yawoyise abangakholwanga nguJehova uNkulunkulu wabo.