2 Amakhosi 17:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngomnyaka weshumi nambili ka-Ahazi inkosi yakwaJuda uHosheya indodana ka-Ela waba yinkosi eSamariya kwa-Israyeli, wabusa iminyaka eyisihiyagalolunye.

2. Wenza okubi emehlweni kaJehova, nokho kungenjengamakhosi akwa-Israyeli ayephambi kwakhe.

3. Kwenyuka ukulwa naye uShalimaneseri inkosi yase-Asiriya; uHosheya waba yisikhonzi sakhe, wathela intela kuye.

2 Amakhosi 17