6. Ngaleso sikhathi uResini inkosi yase-Aramu wabuyisela i-Elati e-Aramu, waxosha abaJuda e-Elati; ama-Aramu afika e-Elati, ahlala khona kuze kube namuhla.
7. U-Ahazi wathuma izithunywa kuThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya ngokuthi: “Mina ngiyinceku yakho nendodana yakho: yenyuka, ungisindise esandleni senkosi yase-Aramu nasesandleni senkosi yakwa-Israyeli angivukelayo.”
8. U-Ahazi wathatha isiliva negolide elafunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi, walithuma enkosini yase-Asiriya laba yisipho.
9. Inkosi yase-Asiriya yamlalela; inkosi yase-Asiriya yenyuka ukuhlasela iDamaseku, yalithatha, yathumbela abantu balo eKhiri, yambulala uResini.
10. Inkosi u-Ahazi yaya eDamaseku ukumhlangabeza uThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya, yabona i-altare elaliseDamaseku; inkosi u-Ahazi yathumela ku-Uriya, umpristi, isimo se-altare nesifanekiso salo njengokwenziwa kwalo konke.
11. U-Uriya, umpristi, wayesakha i-altare: njengakho konke inkosi u-Ahazi ebikuthumile iseDamaseku walenze njalo u-Uriya umpristi, yaze yabuya inkosi u-Ahazi eDamaseku.
12. Inkosi isibuyile eDamaseku, inkosi yalibona i-altare; inkosi yasondela e-altare, yenyukela kulo.
13. Yashisa umnikelo wayo wokushiswa nomnikelo wayo wempuphu, yathulula umnikelo wayo wokuphuzwa, yafafaza igazi leminikelo yokuthula e-altare.
14. Kepha i-altare lethusi elaliphambi kukaJehova, yalisusa ngaphambi kwendlu phakathi kwe-altare nendlu kaJehova, yalibeka ohlangothini lwasenyakatho lwe-altare layo.
15. Inkosi u-Ahazi yamyala u-Uriya umpristi ngokuthi: “Shisa e-altare elikhulu umnikelo wokushiswa wasekuseni, nomnikelo wempuphu wakusihlwa, nomnikelo wokushiswa wenkosi, nomnikelo wayo wempuphu kanye nomnikelo wokushiswa wabo bonke abantu bezwe, nomnikelo wabo wempuphu, neminikelo yabo yokuphuzwa, ulifafaze ngalo lonke igazi lomnikelo wokushiswa nalo lonke igazi lomhlatshelo; kodwa i-altare lethusi liyakuba ngelami ukubuza ngalo.”