1. Ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa kaJerobowamu inkosi ka-Israyeli u-Azariya indodana ka-Amasiya inkosi yakwaJuda waba yinkosi.
2. Wayeneminyaka eyishumi nesithupha ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nambili eJerusalema; igama likanina lalinguJekoliya waseJerusalema.
3. Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uyise u-Amasiya.
4. Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.
5. UJehova wayishaya inkosi, yaba ngonochoko kwaze kwafika usuku lokufa kwayo, yahlala endlini eyahlukanisiweyo. UJothamu, indodana yenkosi, wayephezu kwendlu ahlulela abantu bezwe.