2 Amakhosi 15:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa kaJerobowamu inkosi ka-Israyeli u-Azariya indodana ka-Amasiya inkosi yakwaJuda waba yinkosi.

2. Wayeneminyaka eyishumi nesithupha ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nambili eJerusalema; igama likanina lalinguJekoliya waseJerusalema.

3. Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uyise u-Amasiya.

4. Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.

5. UJehova wayishaya inkosi, yaba ngonochoko kwaze kwafika usuku lokufa kwayo, yahlala endlini eyahlukanisiweyo. UJothamu, indodana yenkosi, wayephezu kwendlu ahlulela abantu bezwe.

2 Amakhosi 15