2 Amakhosi 10:29-36 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. Kepha akasukanga ekulandeleni izono zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli, namathole egolide ayeseBethele nakwaDani.

30. UJehova wathi kuJehu: “Ngenxa yokuba wenze kahle ngokufeza okulungile emehlweni ami, futhi wenze kuyo indlu ka-Ahabi njengakho konke okwakusenhliziyweni yami, amadodana akho ezizukulwane ezine ayakuhlala esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli.”

31. Kodwa uJehu akagcinanga ukuhamba emthethweni kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngayo yonke inhliziyo yakhe, kasukanga ezonweni zikaJerobowamu onisa ngazo u-Israyeli.

32. Ngalezo zinsuku uJehova waqala ukunqinda elakwa-Israyeli; uHazayeli wabachitha emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli,

33. kusukela eJordani ngasempumalanga, lonke izwe lakwaGileyadi, abakwaGadi, nabakwaRubeni, nabakwaManase, kusukela e-Aroweri elingasemfuleni i-Arinoni, elakwaGileyadi neBashani.

34. Ezinye izindaba zikaJehu, nakho konke akwenzayo, nawo onke amandla akhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

35. UJehu wayeselala koyise, bammbela eSamariya. UJehowahazi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

36. Isikhathi uJehu abusa ngaso kwa-Israyeli, eSamariya saba yiminyaka engamashumi amabili nesishiyagalombili.

2 Amakhosi 10