1. U-Ahabi wayenamadodana angamashumi ayisikhombisa eSamariya. UJehu waloba izincwadi, wazithuma eSamariya ezinduneni zaseJizreyeli kumalunga nakubondli bakwa-Ahabi, wathi:
2. “Manje njengalokhu le ncwadi ifika kinina, lokhu amadodana enkosi yenu ekini, kukhona futhi kini izinqola namahhashi, kanye nomuzi obiyelweyo, nezikhali,
3. ziboneleni enhle nefaneleyo kumadodana enkosi yenu, niyibeke esihlalweni sobukhosi sikayise, nilwele indlu yenkosi yenu.”
4. Kepha besaba kakhulu impela, bathi: “Bheka, amakhosi amabili awemanga phambi kwakhe; pho, thina singema kanjani na?”