1. Kwakukhona umuntu wakwaBenjamini ogama lakhe lalinguKishi indodana ka-Abiyeli kaSerori kaBekhorati ka-Afiya, indodana yowakwaBenjamini, iqhawe elinamandla.
2. Wayenendodana egama layo lalinguSawule, insizwa enhle; kwakungekho muntu omuhle kunaye phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; kusukela emahlombe akhe kuya phezulu wayemude kunabo bonke abantu.
3. Izimbongolo zikaKishi uyise kaSawule zalahleka. UKishi wathi kuSawule indodana yakhe: “Thatha enye yezinceku, usuke, uye kufuna izimbongolo.”
4. Wadabula izintaba zakwa-Efrayimi, wadabula izwe laseShalisha, kepha abazifumananga; base bedabula izwe laseShahalimi, nalapho zazingekho; wadabula izwe labakwaBenjamini, kepha kabazifumana.
5. Sebefikile ezweni laseSufi, uSawule wathi kuyo inceku yakhe eyayinaye: “Woza sibuye, funa ubaba aziyeke izimbongolo, enqene ngathi.”
6. Yathi kuye: “Bheka, kukhona kulo muzi umuntu kaNkulunkulu, umuntu ohloniphekayo; konke akushoyo kuyakwenzeka impela; masiye khona, mhlawumbe angasitshela indlela esihamba ngayo.”
7. Wayesethi uSawule kuyo inceku yakhe: “Kepha bheka, uma siya khona, siyakulethani kulowo muntu na? Ngokuba isinkwa siphelile ezitsheni zethu; akukho nto esingayiyisa kulowo muntu kaNkulunkulu; sinani, pho, na?”