1 Usamuweli 8:8-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Njengemisebenzi yonke abayenzileyo, kusukela osukwini engabakhuphula ngalo eGibithe kuze kube namuhla, bangishiya bekhonza abanye onkulunkulu, benze njalo nakuwe.

9. Manje lalela izwi labo, ugamele nokugamela kubo kuphela, ubatshele amalungelo enkosi eyakubusa phezu kwabo.”

10. USamuweli wabatshela abantu abacela kuye inkosi onke amazwi kaJehova.

11. Wathi: “Nanka amalungelo enkosi eyakubusa phezu kwenu: iyakuthatha amadodana enu, izibekele wona ezinqoleni zayo nasemahhashini ayo, agijime phambi kwezinqola zayo;

1 Usamuweli 8