1 Usamuweli 8:11-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Wathi: “Nanka amalungelo enkosi eyakubusa phezu kwenu: iyakuthatha amadodana enu, izibekele wona ezinqoleni zayo nasemahhashini ayo, agijime phambi kwezinqola zayo;

12. iyakuzibekela wona abe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamashumi ayisihlanu, alime umhlabathi wayo, avune isivuno sayo, enze izikhali zayo zokulwa nempahla yezinqola zayo.

13. Iyakuthatha amadodakazi enu abe ngabathaki, nabapheki, nabaphekizinkwa.

1 Usamuweli 8